7 2026 UNDERGRADUATE PROSPECTUS UMLAYEZO OVELA KUSEKELA SHANSELA NOTHISHANHLOKO Njengoba uqala lesi sahluko esilandelayo, ubhekene nesinqumo esinzima kodwa esibalulekile sokuthi uzofunda kuphi nokuthi uzokhetha ukufundelani. Njengoba ucabangisisa ngezinketho zakho, ngiyakuqinisekisa ukuthi iNyuvesi yase-Johannesburg (UJ) ingenye yamanyuvesi anempilo futhi enza kahle kakhulu eNingizimu Afrika. Nakuba i-UJ iyisikhungo esisesisha emkhakheni wezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika, senyuke safinyelela ezingeni elingakaze libalwe eminyakeni yamuva nje. Umlando wethu unothile futhi umele ifa elingapheli. Eminyakeni yamuva nje, ukuma kwethu ngokuqondiwe kuGuquko Yezimboni Yesine (4IR) kanye nokuvela kwethu njengesikhungo sase-Afrika yonkana kusungule le ndlela. Ukwengeza, sigcizelele ocwaningweni olubhekana neziNhloso Zokuthuthukiswa Okusimeme kweNhlangano yeZizwe (amaSDG) futhi olufaka isandla ekuthuthukisweni kwenqubomgomo. Manje, uguquko lwethu lokufunda yilolo oluchazwa umthelela wethu emphakathini kulo mzamo. Umgomo wethu akukona nje ukudlulisa ulwazi kodwa futhi ukuhlomisa abantu ukuba banikele emphakathini ngendlela enenhloso. SiyiNyuvesi eguquguqukayo, eyakha ngenkuthalo ikusasa elisizungezile. Sizibophezele ekuthuthukisweni kwakho kwezemfundo nakwezobuhlakani sigxile ekukulungiseleleni ikusasa. Izwe elisizungezile lishintsha ngokushesha kanjalo nezidingo zempumelelo. E-UJ, sikuhlomisa ngamakhono kanye nokukwazi ukubamba iqhaza futhi uphumelele ku-4IR. Ngaphezu kwalokho, lokhu sikwenza ngokugcizelela kumthelela womphakathi nasekusimameni. Lokhu kuncike enkolelweni yokuthi amanyuvesi awazona nje izikhungo zokufunda kuphela kodwa futhi angamanxusa anamandla oshintsho emiphakathini yawo nangale kwalokho. E-UJ, uzohlangana nongqondongqondo abanezimvelaphi ezihlukene, abavela kuwo wonke umhlaba, abazofaka isandla empumelelweni yakho yezifundo. Kukhona izinhlelo eziningi eziseqophelweni okungakhethwa kuzona kubalwa amafakhalithi ayisikhombisa kanye nekholishi elilodwa. I-UJ isebenzisa indlela yokufundisa nokufunda enothe ngethekhnoloji. Ngenxa yalokho, isimo se-UJ emhlabeni wonke kanye nokuqina kwezemfundo kwaziwa ngezinhlelo zokulinganisa eziseqophelweni eliphezulu kakhulu emfundweni ephakeme emhlabeni jikelele. Eminyakeni yamuva nje, i-UJ iqhamuke njengomdlali ongenele umqhudelwano, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa nasezwenikazi lonke, futhi inyuke kakhulu kulawa mazinga. I-UJ iphumelele ngokubonakalayo ekufundiseni, ekufundeni, ocwaningweni nasekuvezeni konke okwenziwe yiyo eminyakeni yamuva nje. Sikwenzile lokho njengomphakathi wezemfundo. Okubalulekile kithina ukukhulisa ulwazi lwakho njengomfundi. Ukushintshela enyuvesi kungabonakala kunzima, kodwa i-UJ inezinhlelo nezinhlaka zokuqinisekisa ukuthi lolu wuhlelo olungenazihibe. Isibonelo, Uhlelo Lwabaqalayo e-UJ luhlinzeka ngamathuba okuseka nawokuthuthukisa, kuyilapho izinhlelo eziqinile zezemfundo nokweseka abafundisi ziqinisekisa uhambo olungenazihibe phakathi nezifundo zakho zasenyuvesi. Sihlinzeka ngezifundo ezishukumisayo zonyaka wokuqala, kusukela kuLwazi Lwe-Afrika (African Experiences) kuya kuBuhlakani Bokwenziwa (Artificial Intelligence) kuya ekuthulweni kwama-SDGs, okuhloswe ngawo ukunikeza abafundi bethu ithuba lokuncintisana. Uhlelo lwethu Lwabafundi abasebamkantsh’ ubomvu luzokuthuthukisa ukuya onyakeni wakho wokugcina, ukuthweswa iziqu nangale kwalokho. Kuwo wonke amazinga, i-UJ izimisele ukufaka isandla ekuthuthukisweni kwakho ngokuphelele. Okuhambisana nendawo ejabulisayo, ephephile, esekayo nevuselela ubuhlakani, sikunikeza amathuba okukhulisa inethiwekhi yakho. Uzokwazi ukukhulisa amanethiwekhi azokuxhasa impilo yakho yonke. Ubudlelwano bethu obuqinile nobuqhubekayo nabafundi bethu bakudala bukhombisa ukuzibophezela kwethu kumbono we-UJ. Umthelela wethu emphakathini wethu nangaphandle kwemingcele yethu ukhule ngamandla amakhulu. Sakha inyuvesi esebenza ngempela njengesikhuthazi senqubekela-phambili yomphakathi. Ngenxa yalokho, abathweswe iziqu e-UJ bashiya izithelo ezinhle ezweni lethu, ezwenikazi kanye nasemhlabeni wonke. E-UJ, siqinisekisa ukuthi uphuma esikhungweni sethu njengomuntu onikela ngenkuthalo nangokuqondiwe kukusasa elingcono. Uma inhloso yakho kuwukuba nomthelela waphakade emphakathini nokukhombisa ukusungula izinto ezintsha nokuqina, ukhethe kahle. Sikufisela inhlanhla ngalesi sinqumo esibalulekile! Amathuba nezimo ezinhle ezingabhekwa e-UJ azinamkhawulo futhi sithemba ukuthi sizokwamukela lapha ngonyaka ozayo. Leli ikusasa lakho, elicatshangelwe kabusha! Slz Letlhokwa Mpedi USekela-Shansela neNhloko
RkJQdWJsaXNoZXIy MjU1NDYx